Umhlonishwa I-Meya KaMasipala WesiFunda ISisonke, uKhansela, J.P.
Omunye wobabhali abahlonishwayo emhlabeni wake washo lamazwi "izimo nendlela umuntu akhula ngayo inomthelela kwikusasa lalowo muntu".
Mphathi wohlelo, uMthetheo-Sisekelo wezwe lethu ukubeka kucace ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuba nendawo yokuhlala ephephile nehlonipha isithunzi sakhe. Lelilungelo ngelawo wonke umuntu kuhlanganisa nezingane ngoba intsha yiyona eyikusasa lezwe lakithi. uSomqulu Wamalungelo abantu nawo ukubeka ngokusobala ukuthi akukho noyedwa umuntu okufanele abandlululwe mayelana nosizo lokuthola indawo yokuhlala.
Simi lapha endaweni yaseKokstad namuhla ukuzofezekisa lemigomo eshicilelwe kuMthetho -Sisekelo wezwe lethu. Silapha namhlanje ukuzokwakha isiqalo esisha ezimpilweni zabantu bakithi ikakhulukazi leyomiphakathi yakithi esezimeni zokuhlukumezeka kalula, okuyizingane nabantu besifazane. Simi lapha namhlanje ekhaya lethemba ukuzonikeza ithemba nokwakha ikusasa elingcono lezingane zethu.
Mphathi Wohlelo siphila esikhathini lapha sibhekene khona nezinselelo eziningi.
Phakathi kwezinselelo esibhekene nazo yileyo yokuqeda ubuphofu nokuqinisekisa inhlalakahle emiphakathini yakithini. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi isifo sengculazi singezinye zezinselelo ezinqala ezibhekene nabantu bakithi. Kweminye imideni sekuze kwavalwa ngehlahla, izingane zasala zingondingasithebeni ngenxa yalolubhubhane. Kusemahlombe ethu singumphakathi futhi singuHulumeni ukuba sinqande lempi ingaze ibhubhise ikusasa lesizwe sakithi okungabantwana bethu.
Umnyango wethu ulapha namhlanje ukuzophosa itshe esivivaneni ekulondolezeni ikusasa lethu ngokunakekela izingane eseziphenduke izintandane ikakhulukazi ngenxa yalesisifo sengculazi. Namhlanje sizovula ngokusemthethweni isakhiwo esicabanga ukuthi siyigxathu elibalulekile ekulweni nalempi. Lesisakhiwo sizokuba wumpheme wokuphephela ezinganeni zakithi ezingasenabani ngenxa yalesisifo. ukwakhiwa kwamakhaya abhekelela izingane njengaleli lalapha i-Home of Comfort, ngenye yezindlela uhulumeni acabanga ukuthi angaxazula ngayo inkinga yezingane ezingasenabani ukuze nazo zithole ukuba zikhule ngaphansi kwezimo ezifanele nekusasa lazo lihleke kahle. Lokhu akusho ukuthi sigqugquzela izingane ukuthi zihlaliswe emakhaya ezintandane.
Kodwa iqiniso wukuthi izingane zakithi zigcina sezigcwele imigwaqo thina mphakathi ezikhulele phambi kwethu singasafuni ukuzinakekela. Ububha kanye nesifo sengculazi kunomthelela omubi kwezenhlalo nakwezomnotho. Lokhu kudala isibalo esikhulu samalunga omphakathi angasakwazi ukuzisebenzela.
Uhulumeni-ke wabantu onakekelayo njengalona wethu ngeke ahlale agoqe izandla abukele isizukulwane siphelela ezeni.
NjengoHulumeni sikholelwa ukuthi isifundazwe sethu kufanele kube yisifundazwe esiphatha kahle izingane. Sikholwa wukuthi akufanele kube khona umtwana olala engadlile futhi ongayi esikolweni ngenxa yokweswela. Sikholelwa wukuthi amalungelo ezingane zethu kufanele ahlonishwe njegamalungelo awowonke umuntu.
Silapha namhlanje ukuzovula ngokusemthethweni isakhiwo ikhaya elizokuba yithemba ezinganeni zethu ezingasenamakhaya ngenxa yesifo sengculazi.
Kulesisakhiwo izingane zizothola ukunakekelwa okufanele ukuze zikwazi ukukhula kahle futhi zibujabulele nobungane bazo.
Ukukhula ngaphandle kwabazali akuyona neze into emnandi, kodwa ngalemizamo uhulumeni wethu wehlisa usizi olubhekene nezingane zethu lokulahlekelwa ngabazali bazo zisencane.
NjengoHulumeni sikhathazeke kakhulu ngengculazi nemiphumela yayo. Isivinini okwenyuka ngaso isibalo sezintandane sikhulu kakhulu. Siyanda isibalo semizi ephethwe yizingane. Njengomnyango wezeZindlu sesiqhamuke nomgomo wokuba sibambe iqhaza ngokuba sihlinzeke ngokwakhiwa kwamakhaya kwalabo asebechaphazelwe kakhulu yisifo sengculazi.
Mthethosisekelo wethu kanye noSomqulu Wamalungelo owenze kwaba lula ukuthi sivivinye imithetho ukuze uxhaso kwezezindlu lufinyelele nakulabo abathintwe yisifo.
Zini izinhlelo ezifana nalezi esesiziqalile esifundazweni sethu. Ngikhuluma nje sinezinhlelo ezifanayo kwaHlabisa, eManguzi, eThekwini. Kanti inhloso yethu wukuthi sikwazi ukuqhubeka naloluhlelo, sibhekelele izindawo zakithi ezihlukumezeka kakhulu njengasemakhaya. Kulomsebenzi sibambisene neminye iminyango kaHulumeni emazingeni onke. Sibambisene kakhulu noMnyango weZempilo noweZenhlalakahle. Kuyinhloso yomnyango wethu ukuthi maduzane ngibuyele kwaHlabisa naseManguzi nohlelo olubanzi lokwakhela izingane zakithi ezihlukunyezwe yileligciwane.
Mphathi wohlelo, ngaloluhlelo esizolwethula lapha namhlanje sizoqinisekisa inhlalakahle nokuhlonipheka ezinganeni zethu. Siyawuhalalisela uMasipala walapha eKokstad kanye nabaphathi be Home of Comfort ngokuthi babe ngabanye abahlomulile kulomgomo wethu osigunyaza ukuba sifake izimali ekusungulweni nasekunwetshweni kwezikhungo ezifana nalezi. Kuleliqophelo mangibonge yonke iminyango esebenze kanzima ihlaziya eyayo imithetho ukuze sikwazi ukusebenzisana.
Ake ngichaze kafishane ngamagxathu abalulekile emgomweni wethu asenze safinyelela lapha sikhona namhlanje.
Okokuqala samukele wonke umuntu njengesidalwa esinelungelo elifanayo noma ngabe isimo sempilo nesomnotho simi kanjani. Okwesibili sibuyekeze izidingo zalabo abaphila negciwane sazibekela imigomo ecacile yokuthi sizobakhela izindlu ngokubambisana nemimnyango weZempilo nowezeNhlalakahle.
Okwesithathu sibuyele emuva sayohlaziya ukuthi ngobani abahlomulayo.
Phambilini sasikhuluma ngemindeni ehola ngaphansi kwesamba semali ethile.
Ukuze sikwazi ukwakha lezizikhungo siguqule umgomo sengeza ngalabo abasuke bengabodwana kodwa bengasizakala uma besesikhungweni esifanele.
Babecele ukuba uMnyango wethu welekelele ngemibhede engu 57. Ngithokoza kakhulu ukubika ukuthi uMnyango wami ukwazile ukuxhasa kwakhiwa indawo ewu 362 square metre. Izindlu eziphumile zathi xaxa ngobukhulu. Kuzona kutholakala izindlu zokulala, izindlu zokugezela, amakhishi, indawo yokuwasha kanye nendawo yokulinda abagulayo.
Lesisakhiwo sakhiwe ngendlela ehlinzekela izinguquko ezizayo ngokukhula kwesikhungo nokwanda kawabantu. Ngithanda ukunxusa abezinkampani ezizimele ukuba basebenzisane nathi njengoHulumeni ekunakekeleni nasekwakheni impilo engcono ezinganeni zethu. Siyazi ukuthi ngeke sasinqoba isifo sengculazi ngesikhathi esifushane kodwa uma sihlale sizibophezele, sinakekela sisebenza siyokwazi ngelinye ilanga ukunikeza ithemba kulabo abahlukunyezwe yilesifo sengculazi.
Ngizonxusa umphakathi wakithi ukuba ubhunkule ubhekane ngqo nokwanda kwaleligciwane. Kuyadabukisa ukuzwa ukuthi yize ulwazi ngalesisifo lusabalele yonke indawo, kodwa izibalo zakamuva zikhomba ukwanda ngendlela esabisayo kwaleligciwane. Sindinga ukuba sivuke sizithathe. Sidinga ukubanakekela asebephethwe yilesisfo, sidinga ukulwa nokucwaswa kwabaphethwe yigciwane lengculazi kodwa okubalulekile sidinga ukuzivikela ngokulandela izindlela eziphephile ukuze singangenwa yilesisifo.
Izimo eziholele kwakhiwe lesisakhiwo yizimo ezihlasele wonke umphakathi wakithi kuwona wonke amazinga, ngakho lesisikhungo kufanele sivulekele zonke izinhlanga, bonke ubulili nabo bonke okufanele bahlomule ngokwezi njongo zesikhungo. umgomo wethu mayelana nalezizakhiwo uthi akube kuningi okusimamisa impilo okuzungeze izikhungo ezinjengalezi. Ngilindele uMasipala ukuthi ahlele ngemfanelo ingqalasizinda ehlukahlukene. Uhlelo lukaMasipala oludidiyele kufanele lucacise ukuthi abahlali balapha bakhonza kuphi, bazivocavoca kuphi, bathenga kuphi njalo njalo.
Nginethemba lokuthi abazophatha lesisakhiwo bazosiphatha kahle, balandele imthetho, baqikelele ukuthi sihlala njalo sisesimeni esifanele. Basigcine sisebenza. Ngikhuthaza ukuba nicije amakhona kwezokuphatha ikakhulukazi ekuphathweni kwezimali.
Nginethemba lokuthi nakulena yalesisifo sengculazi sizobhekana nayo.
Ngikholwa wukuthi ubuqhawe esibukhombisile ezimeni ezinzima ngaphambili sizobusebenzisa ekubhekaneni nalenselelo entsha yengculazi.
Sengiphetha, sibonga kubona bonke ababambe iqhaza ekwenzeni lomsebenzi walapha ube yimpumelelo, ikakhulukazi uMasipala kanye nabaphathi besikhungo abasebenze kanzima ukuze lomsebenzi ube yimpumelelo.
